Ekugcineni, lomhlahlandlela ukunikeza uhlu lezinombolo zosizo ngokubhalisa, nemininingwane yabantu ongaxhumana nabo emahovisini ehlukene aloMnyango kulo lonke lelizwe lapho abasebenzisi bamanzi bangathola khona amafomu kanye nosizo lokugcwalisa lamafomu.
ISIGABA 2: UKUBHALISELA UKUSEBENZISA AMANZI1Kungani kubhaliswa..?
Ngubani okungadingekile ukuba abhalise?
Ngobani kufanele babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi?
Kufanele abhalise nini umsebenzisi wamanzi?
Bayobhaliswa kanjani abasebenzisi bamanzi?
ISIGABA 4: UKUSENTSHENZISWA KWAMANZI OKUVUMELEKILE1Ukusebenzisa amanzi...
ISIGABA 5: ISENDLALELO NGAMAFOMU OKUBHALISA1Amafomu okubhalisa...
ISIGABA 6: AGCWALISWA KANJANI AMAFOMU OKUBHALISA INGXENYE 11Ingxenye 1 yamafomu...
ISIGABA 7: AGCWALISWA KANJANI AMAFOMU OKUBHALISA INGXENYE 21Ingxenye 2 yamafomu...
Isigaba 2 Ukubhalisela ukusebenzisa amanzi Inqubo yokubhalisa: Kungani, ngubani, kanjani, nini.
Ukubhalisela ukusebenzisa amanzi kuphoqelelwe isigaba 26 © nesigaba 34 soMthetho wamanzi kaZwelonke (ongunombolo 36 ka1998) . Kunezizathu eziningi ezenza ukuthi abasebenzisi bamanzi kudingeke babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi noMnyango.
Ukuphatha nokulawula izizinda zamanzi ukuze kube nohlelo nentuthuko.
Ukuze kube nesiqiniseko sokwabiwa kwamanzi ngemfanelo kubasebenzisi bamanzi. Ukubhalisa futhi kuyisinyathelo sokuqala sokuthola izindleko ezifanele neziyiqiniso zokusentshenziswa kwamanzi ngendlela efanele. Imali etholakala lapha iyosentshenziswa ukufezekisa lezizinhloso ezibalwe ngenhla. Ukubhalisa akuzusiza abasebenzisi bamanzi kuphela kodwa kuzosiza izwe lonke. INingizimu Afrika ingenye yamazwe angenawo amanzi ngokwanele. Sesisondele ekubeni sibizwe ngalokhu okubizwa emhlabeni wonke jikelele "ngezwe elibucayini ngamanzi". Izilinganiso zikhombisa ukuthi zonke izizinda zamanzi asemasha ziyobe sezabiwe eminyakeni enga - 20 kuya kwenga-30 kusukela manje, kuyoya ngokukhula komnotho. Ukuphazamiseka kwezizinda zamanzi asemasha ziphazanyiswa ukungcola okuchithwa kuzo kunganciphisa inani lamanzi asentshenziswayo. Ukunukubezeka/ ukudungeka kwamanzi nakho kungaholela ezinkingeni kwezempilo kanye nokonakala kwemvelo. Ukuphatha kahle izizinda zamanzi nokuhlinzeka isikhathi esizayo kubaluleke kakhulu eNingizimu Afrika. Ukuze sikwazi ukwenza lokhu kubakulekile ukuthi sazi ukuthi mangakanani amanzi esinawo njengamanje, asentshenzisa ngubani, kuphi.
Uma ukusentshenziswa kwamazwi kubalwe ohlwini lukasheduli 1 loMthetho (bheka isigaba 4).
Uma ngabe ukusentshenziswa kwamanzi kungafakiwe ezidingweni zokubhalisa ngokweSaziso esikhishwe ngaphansi kweNqubomgomo yezokubhalisa noma ngaphansi koGunyazo Jikelele (bheka isigaba 4).
Uma ukusentshenziswa kwamanzi kuyingxenye yosizo olinikwa yilabo Abasiza ngamanzi njengoHulumeni basekhaya (oMasipala) noma iBhodi yamanzi. Isibonelo salokhu, ngamanzi nokukhucululwa kwendle emizini yabantu okwenziwa nguMasipala. Akudingekile ukuba lowo nalowo muzi ubhalise, Kodwa-ke uMasipala yena kufanele abhalise ukusebenzisa kwakhe amanzi.
Ilowo nalowo muntu ngamunye -njengabalimi, abanikazi bemihlaba noma abaqashi.
Imiphakathi - njengamabhizimisi omphakathi, inhlangano yabalimi bendabuko.
Izinkampani namaBhizimisi -kubandakanywa nalabo ababambisene, izinkampani ezivulelekele umphakathi, izinkampani ezingavulelekile umphakathi, izinkampani ezingenanzuzo, izinkampani zakwamanye amazwe, izinkampani ezihlanganzisiwe kanye nokopeletsheni nezinye.
Abosizo ngezamanzi, kubandakanywa neBhodi yamanzi, noHulumeni baseKhaya.
Kusukela ngomhlaka 8 Okthoba 1999, bonke abasebenzisi bamanzi abaqalayo kumele babhalise njengoba kubekiwe Ogunyazweni Jikelele (bheka isigaba 4). Ngokuqhubeka kwesikhathi, uMnyango uyoshicilela iZaziso ePhephabukwini likaHulumeni ngemininingwane yemingenela yemfula namadamu noma izindawo zokwengamela amanzi nezizinda zamanzi, ubize abasebenzisi bamanzi ukuba babhalise ukusentshenziswa kwamanzi okwenzekayo njengamanje. Lezi Zaziso ziyonquma isikhathi sokuthi abasebenzisi bamanzi kumele babe sebebhalisile ngesikhathi esithile. Ngokuvamile isikhathi kuyaye kube izinsuku ezingama-60 kusukela osukwini okushicilelwe ngalo iSaziso. Emva kokuba iZaziso sezikhishiwe abasebenzisi bamanzi bayokwaziswa futhi ngezinye izindlela ukuthi kufanele babhalise, njengokubhala izaziso kumaphephandaba noma ukumemezela emsakazweni. Ungabuza eHovisini laManzi elisendaweni yakini ukuthi Isaziso sokubhalisa sakuleyo ndawo sesikhishiwe yini?
Amafomu okubhalisa ayatholakala kunoma iliphi ihovisi laloMnyango (bheka isigaba 8) Ukuze ubhalise ukusebenzisa kwakho amanzi, hambisa kuloMnyango ifomu eseligcwalisiwe. Ukubhaliswa angeke kuphikiswe noma kweqatshwe, uma inhloso yokusebenzisa amanzi kungefanele. Amafomu engagcwalisiwe ngokuphelele angabuyiselwa kubasebenzisi bamanzi, ukubhaliswa kuyomiswa kuze kubuye ifomu selinayo yonke imininingwane ngokupheleleyo.
Lapha unikezwa izincazelo zamagama (namatemu) avamise ukusetshenziswa kulenqubo yokubhalisa ukuze kusizakale umsebenzisi wamanzi uma egcwalisa ifomu. Unikiwe futhi namatemu obuchwepheshe asetshenziswe engxenyeni 2 yamafomu.
noma imvuthu engandiswa imvelo njengemvuthu yezinsimbi noma izinsimbi ezinkulu ezingaboli.
Ngokwengozi yokuphazamiseka kwamanzi okwenzeka ezizindeni zamanzi ngenxa yenqubo yasezimayini.
Yinoma iyiphi imayini enenqubo yokugujwa kokusansimbi kubandakanywa nokunqumiswa kwamadalwa.
Zonke ezinye izimayini, kubalwa nezimayini ezinkulu ezingenabo nobuncane ubungozi emvelweni yamanzi, nezimayini ezinobungozi obuncane kanye nenqubo yokubheka okumbiwa ngaphansi komhlaba.
AMADAMU ANOBUNGOZIUkugcina amanzi nakho kungukusetshenziswa kwamazi njengoba kubekiwe esigabeni 21(b) ngezansi. Ukuphepha emadamini kuyalawulwa futhi yisahluko 12 soMthetho kanye neNqubomgomo yokuPhepha kwamadamu (ePhephabhukwini likaHulumeni unombolo R1560 lomhlaka 25 Julayi 1986).
Ukubhaliswa kwamadamu anobungozi kuphoqelelwe isigaba 120 soMthetho.
Lawa ngamadamu anomthamo ongagcina ngaphezelu kwama-cubic mitha angama-50 000 amanzi onodonga obude balo bungaphezulu kwamamitha ama-5 noma amemezelwe uNgqongqoshe njengohlobo lwamadamu olunobungozi.
Idamu noma yisiphi isakhiwo esingagcina noma sithwale noma kubekwe kuso amanzi. Amadamu akhiwe phakathi nemifula nakuba wona engakhelwanga ukugcina amanzi (weirs).
Amanzi anokungcola kwasekhaya asuke enokungcola okusuka ezindlini okwenzeka uma kuhlanzwa izimpahla, kuhlanzwa imizimba nasezindlini zangasese.
IZIZA ZOKUNGCOLAUkuchitha ukungcola ngendlela engase ikhinyabeze isizinda samanzi nakho kungukusetshenziswa kwamanzi njengoba kuchaziwe esigabeni 21 (g) ngaphansi kwezincazelo ngokusentshenziswa kwamanzi lapha ngezansi.
Iziza lapho kuchithwa khona ukungcola nazo kufanele zibhaliswe ngaphansi kwesigaba 20 soMthetho wokoNgiwa kweMvelo.
Ezinye izinhlobo zokungcola akudingekile ukuthi zibhaliswe njengezindawo zokulahla umlotha wasezimbonini kanye nezindawo lapho izimayini zichitha khona udoti.
Lezi nhlobo akungadingekile zibhaliswe zona zilawulwa ngaphansi koMthetho kwaZwelonke wezamanzi njengoba kubekiwe esigabeni 21 (g) lapha ngezansi.
AMANZI ANGCOLILEAmanzi angcolile ngamanzi athwele ukungcola noma udoti noma amanzi ake athintana nokungcola.
Ngokujwayelekile lokhu kubandakanya ukudonsa amanzi edamini noma emfuleni Ukudonswa kwamanzi noma ngaphansi komhlaba ngekuwabhola (borehole).
Ezweni lonke amanzi amaningi adonswa ngenhloso yokunisela noma ukucelela izitshalo.
Idamu lokugcina amanzi lingaba sosebeni lomsele noma endaweni engagelezi.
Lokhu kusentshenziswa kwamanzi kubandakanya namanzi athwele ukungcola , isibonelo, amanzi athathwe andaweni yokukhuculula indle noma amanzi angcolile ephuma ezimbonini.
Amadamu akhiwe phakathi emifuleni nawo angagcina amanzi, ngaphandle uma kunenye indawo lapho edonselwa khona ngokuwagelezisa kancane.
Ukuvimba noma ukuphambukisa ukugeleza kwamanzi akudali ukulahleka kokugeleza kwamanzi.
Izakhiwo zokukuvimba noma ukuphambukisa ukugeleza kwamanzi zingaholelela ekubeni zibe imifula, ngokuphoqa amanzi ukuba agelezele kuleso sakhiwo.
Ukuvimba noma ukuphambukisa amanzi kungaba yinto yesikhashana , uma kwakhiwa umgwaqo noma ibhuloho, njengesibonelo. Kungaba futhi ngunomphelo njengokwakhiwa kwebhuloho phezu komfula okwenza ukuthi amanzi avimbeke bese egeleza ngaphansi kwebhuloho.
Ukukala umthamo womanzi walamadamu akhiwa phakathi nemifula nakho kungaba yindlela yokuvimba amanzi uma amanzi egeleza kancane engekho agcinekayo ngemva kobonda lwalelidamu.
Ukutshala amahlathi ngenhloso yodayisa noma yokwenza inzuzo yiyona ndlela Ukugenela umkhankaso kuphela engumkhankaso wokunciphisa ukugeleza kwamanzi emhosheni.
Okwamanje, lemikhankaso elandelayo yiyona mikhankaso yokuphatha: Ukungenela umkhankaso Ukunisela.
Lokhu kungukusebenzisa amanzi ngokunembuyiselo uma izitshalo zikhuliswa ngamanzi angcolile.
Ukungcola kokukhucululwa kwendle okulahlwa nguMasipala akubaliwe kulokhu nezinye izindlela kusetshenziswa kwamanzi. Kodwa -ke , ukuchithwa kwalokhu kungcola ngabahlanzi bamanzi bakaMasipala bekuchithela ezizindeni zamanzi nakho kungenye yezindlela zokusentshenziswa kwamanzi.
Esinye isibonelo salokhu kusentshenziswa kwamanzi ukulahlwa kwamanzi angcolile elahlelwa endaweni yokuhlanza amanzi, njengezindawo ezinezinsimbi ezithombile. Uma lendawo yezinsimbi ezithombile igcwala iphuphumela emfuleni noma edamini, lokhu kubizwa ngokusentshenziswa kwamanzi ngaphansi kwesigaba 21 (f) esingenhla ngokuchitha amanzi anokungcola uwachithele esizindeni samanzi.
Ukushintshwa kwemisebe yomfula kuvamise ukudingeka uma kwakhiwa noma zokugeleza kwamanzi kuthuthukiswa izingqalasizinda eduze komfula noma ngaphesheya komfula.
Ukumbiwa kwesihlabathi nakho ngenye yezibonelo zalokhu kusetshenziswa kwamanzi.
Ukushintsha ukugeleza kwamanzi kusho ukuphambukisa ukugeleza kwamanzi.. Umfula uvamise ukwakhiwa kabusha noma esikhundleni sawo kufakwe umhosha othile wokwakhiwa ongahamba ibanga elingamakhilomitha amaningi kusuka lapho ususwe khona.
Lokhu kusentshenziswa kwamanzi kwenzeka uma kususwa amanzi ukuze kuqhutshwe umsebenzi othile noma ukuze kube nokuphepha.
Isibonelo salokhu kusetshenziswa kwamanzi ukuqiniseka ukuthi kunokuphepha ezimayini ezingaphansi komhlaba.
Lokhu kusetshenziswa kwamanzi akuhambisani nokuthatha amanzi okukhulunywe ngakho esigabeni 21 (a) ngenhla.
Uhlaka 1 (schedule 1) loMthetho lichaza umuntu oqhuba lemidlalo nonemvume yokudonsa amanzi esizindeni samanzi (bheka isigaba 4) njengomuntu ogunyaziwe ukuba asebenziswe amanzi kanti futhi AKUDINGEKI ukuba abhalise.
Usizo lwaManzi lona luchazwe njengokulethwa kwamanzi nokuwahlanza ukuze abe nempilo.
Ukulethwa/ukwabiwa kwamanzi kubandakanya ukuhlanza amanzi nokuwaphakela ezindaweni ezehlukene kusentshenziswa izindlela sokuwaphaka.
Ukuhlanzwa noma ukuhlungwa kwamanzi kusho ukuqoqwa, ukususwa kanye kwamanzi nokuhlanzwa kwamanzi akade esetshenziswe ukukhuculula indle.
Indle iyahanjiswa ngedreyini noma amapayipi okuhambisa indle noma ilahlwe emigodini embelwe yona noma amathangwe lapho indle ihlanzwa khona.
Inhlangano yokusetshenziswa kwamanzi yinhlangano yabantu abahlukene abaqhuba ukusentsenziswa kwamanzi okucishe kufane ukuze bonke bathole izunzo ngokuhlanganyela.
Lenhlangano yakhiwa ngokuba uNgqongqoshe wezamanzi akhiphe isazizo ngawo ePhephabhukwni likaHulumeni emva kukuba esebone umthethosisekelo wabo waneliswa yiwo wawuphasisa.
Lezi zinhlangano zokusetshenziswa kwamanzi ezikhona zizoguqulwa zibe ngamabhodi okunisela, amabhodi okuphathwa kwamanzi angaphansi komhlaba, amabhodi amanzi amiselwe ukuphuzisa izilwane, amabhodi okwakha kanye namabhodi okongiwa kwamanzi.
Umuntu oyilunga lenhlangano yokusetshenziswa kwamanzi akudingelile abhalise ukusebenzisa kwakhe amanzi aphakwe ngokwenqubo ephethwe yinhlangano. Kufanele kubhalise inhlangano yonke.
Umuntu oyilunga lenhlangano kodwa obuye asebenzise amanzi ngezinye izindlela ngaphandle kwalezo zenhlangano kufanele akubhalise lokhu kusebenzisa kwakhe amanzi.
Isibonele salokhu ngumlimi odonsa amanzi endaweni ethile yamanzi enikelwe nguhulumeni, abuye futhi abhole amanzi ngaphansi endaweni yakhe. Ukudonsa amanzi endaweni kahulumeni akudingelekile kubhaliswe, kodwa kungadingeka abhalise ukubhola kwakhe amanzi ngaphansi endaweni yakhe.
UKUSENTSHENZISWA "isheduli 1 " kusho uhlaka 1 olubhalwe ngaphansi koMthetho lapho kubhalwe khona OKUBHALISWE KU -SHEDULI uhla lokusentshenziswa kwamanzi okuvumelekile. 1 Ukusentshenziswa kwamanzi okubhalwe ohlakeni 1 akudingekile ukuba kubhaliswe noma kufunelwe ilayisensi.
Ukukha amanzi esizindeni samanzi lapho umuntu evumelekile ukuba akhe khona amanzi, azosentshenziswa: -Ukwenza imisebenzi yasezindlini eyenziwa ngamanzi -Esivandeni esincane okungesona esokwenza izunzo; noku -Phuzisa izilwane kodwa ayi ezokudayisa, ngakho lokhu akubali izinyanda zotshani obuphiwa izilwane uma nje lokho kusentshenziswa kungesilo ihaba uma kuqhathaniswa nomthamo wamanzi walesosizinda samanzi nezidingo zabanye abasebenzisi bamanzi.
Ukugcina nokusebenzisa amanzi ageleza ophahleni lwendlu.
Ezimweni eziphuthumayo, ukukha amanzi esizindeni samanzi ukuze kufezwe izidingo zabantu noma uma kucishwa umlilo.
Ezindaweni zokuzithokozisa , uma nje lowomuntu enemvume ngokomthetho ukukha amanzi kuleso sizinda samanzi.
Ukuchitha amanzi anokungcola noma ukungcola (kubandakanywa namanzi emvula) emgodini noma ichibi eliseduze nolwandle, noma kwezinye izindawo, inqobo nje uma lezondawo ziphethwe ngumuntu ogunyaziwe ukuba ahlanze noma alahle lamanzi anokugcola.
Ukusetshenziswa kwamanzi okusemthethweni okukhona njengamanje kusho lokho kusetshenziswa kwamanzi okugunyaziwe ngaphansi kwanoma yimuphi uMthetho obusebenza esikhathini esiphakathi komhlaka 1 Okthoba 1996 kuze kube umhlaka 30 Septhemba 1998, iminyaka emibili ngaphambi kokusebenza koMthetho kaZwelonke wezamanzi.
Abasebenzisi bamanzi ngokusemthethweni abakhona njengamanje bayodingeka babhalise ukusebenzisa kwabo amanzi ngokweSazizo esizokhishwa ngaphansi kweNqubo-mgomo yokulawula ukuBhalisa (Registration Regulation).
Ugunyazo jikelele lugunyaza ukusebenzisa amanzi ngaphandle kokuthi unikwe ilayisensi, inqobo nje uma ukusebenzisa kwakho amanzi kuhambisana nemibandela ebekwe uGunyazo Jikelele. UGunyazo Jikelele lusebenza kuphela kubasebenzisi bamanzi abasha abaqale ukusebenzisa amanzi ngemva komhlaka 1 Okthoba ka 1999 ngesikhathi kumiswa loMthetho. Lokhu kusho ukuthi Ugunyazo-Jikelele ngeke lusebenze luhlehle noma lubandakanye labo basebenzisi abadala abakade bevele sebewasebenzisa amanzi ngaphambi kwalolu suku. Abasebenzisi bamanzi ababhalwe ohlakeni 1 bona ababandakanyiwe kuloluGunyazo Jikelele, ngoba phela bona vele sebenayo imvume ngaphansi koMthetho abasakudingi okunye ukugunyazwa.
Ugunyazo Jikelele luchaza ngemibandela okufanele umsebenzisi wamanzi abhalise phansi kwayo. Abasebenzisi bamanzi kufanele bazijwayeze lemibandela emiswe Ugunyazo Jikelele ngoba kukhona imibandela ethile esetshenziswa kubasebenzisi bamanzi. Ukusetshenziswa kwamanzi okusha okuqale ngemva komhlaka 8 Okthoba 1999 nokungangeni ngaphansi kwezithiyo ezibekwe oGunyazweni Jikelele, lwabasebenzisi bamanzi kufanele bathintane noMnyango ukuze banikezwe amalayisensi.
Ukukha amanzi esizindeni samanzi esingaphezu komhlaba kufanele kubhaliswe ukuba ukhe amanzi uma umthamo othathwa umuzi ngamunye ngosuku unga - cubic metres esizindeni samanzi angama- 50 noma ngaphezulu.
Amanzi adonswa ngaphansi komhlaba kufanele abhaliswe uma umthamo othathwa umuzi ngamunye ngosuku ungama-cubic metres ayi-10 noma ngaphezulu.
UGunyazo jikelele Uma ugcina amanzi amthamo wawo ungaphezulu kwama-cubic metres ayizi-10 000 ukugcina amanci kufanele ubhalise.
Konke ukuchithwa kwamanzi kufanele kubhaliswe akukhathalekile ukuthi oluphathelene nokuchitha mungakanani umthamo wamanzi achithwayo.
Amafomu okucibiyela - ngeminye imininingwane eyengeziwe okungenzeka idingeke Ukuze kuphelele ukubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi umuntu kufanele agcwalise ingxenye 1 yamafomu eyodwa nengxenye 2 eyodwa noma eziningi.
Imininingwane yalowo othathe indawo kumnikazi wangaphambilini inganikezwa kulelifomu, lokhu kubandakanya umnikazi omusha othole indawo ngokwabelwa ifa nona oyithengile.
UKUHOXHISA/UKUBUYISELA UKUSENTSHENZISWA KWAMANZI OKUBHALISIWE Emva kokubhaliswa ukusetshenziswa kwamanziobekwenziwa ngamanzi sekuphelile.
Gcwalisa ifomnu lokuhoxisa ukusetshenziswa kwamanzi unikeze inombolo obhalise ngayo bese ubeka kucace ukuthi yikuphi ukusetshenziswa ofiswa ukukuhoxisa.
DW 760 Ukukha amanzi esizindeni samanzi DW 761 Ukugcina amanzi DW 762 Ukugcina amanzi - Ukubhalisela ukuphepha kwamaDamu DW 763 Ukuvimba noma ukuphambula ukugeleza kwemanzi kwemvelo DW 765 Ukungenele inqubo yokuphathwa kwamanzi: Ukuchelela noma iyiphi indawo ngamanzi angcolile noma amanzi anokugcola kwasesimbonini noma anokungcola kokusentshenziswa kwamanzi DW 766 Ukuchitha ukungcola noma amanzi anokugcolile echithelwa endaweni yamanzi yemvelo ngokusebenzisa amapayipi, imigodi, amapayiyi endle, amachibi noma ngezinye izindlela. DW 767 Ukuchitha ukungcola ngendlela enokukhinyabeza isizinda samanzi DW 768 Ukubhalisa isiza zokulahla udoti DW 808 Ukugudluza imisebe noma ukugeleza kwamanzi kwemvelo DW 805 Ukususa, ukuchitha noma ukudedela amanzi atholakala ngaphansi komhlaba uma lokhu kudingekile ukuze kuqhutshwe inqubo ethile noma ukuze kuphephiswe abantu.
DW 797 Isiza sokulahla udoti: Ukukhombisa ukugeleza kwamanzi okuyingozi DW 798 Isiza sokuchitha udoti: okungenzeka DW 800 Ukushintsha Imininingwane: Umuntu ngamunye DW 801 Ukushintsha imininingwane: Izinkampani., amabhizimisi, uHulumeni kaZwelonke NoweziFundazwe.
Qiniseka ukuthi uphethe ingxenye 1 efanele yamafomu kanye nexingxenye 2 ezidingwayo.
imininingwane edingela kulezindawo uphoqelekile ukuba uyinikeze kufanele uyinikeze noma kanjani.
Bhala ngamagama amakhulu.
Bhala uhlamvu noma inombolo ngayinye kuleso naleso sikwele.
Isitifiketi sokubhaliswa uma imininingwane ingaphelele.
UMnyango uyobuyisela emuva wonke amafomu angagcwalisiwe ngokuphelele.
IMININGWANE YALOWO Lengxenye yamafomu ngeyemininingwane ejwayelekile njenge gama, ikheli OFAKA ISICELO nenombolo yocingo.
Ukukhombisa ukuthi ungubani inombolo kamazisi waseNingizimu Afrika noma inimbolo kamaZisi wesikhashana yanele.
Umuntu ongenawo inombolo kamazisi weseNingizimu Afrika angasebenzisa inombolo yencwadi-mvume yokuhambela kwamanye amazwe (passport) yakhe ukuze azikhombise ukuthi ungubani.
Omazisi okungebona abakulelizwe ngeke bamukelwe. Labo abangezona izakhamuzi zakulelizwe kumele banikeze izinombolo zezincwadimvume zabo , usuku eyakhishwa ngalo lencwadimvume kanye nezwe eyakhishwa kulo.
Izinkampani, AmaBhizimisi noma abasebenza ngokubambisana lokhu kusho izinkampani ezibhalisiwe, okopeletshenzi (close corporations), izinkampani ezivulelwe umphakathi kanye nezinkampani ezingenzi nzuzo, izinkampani zakwamanye amazwe nokunye.
Uma ngabe indawo kungeyabantu abaningi abangabhalisile njengenkampani, lowo okunguyena oyinhloko yabo kumele kube nguyena ozogcwalisa ifomu DW756 - ngokwakhe.
Izwe lapho isungulwe khona lokhu kusho izankampani zakwamanye amazwe kufanele zibalule amazwe lapho zisuka khona.
IMinyango yoHulumeni beziFundazwe kumele inikeze igama laleso siFundazwe.
Inhlangano yokusebenzisa amanzi ibhaliswe ngokusemthethweni ngokuba Inhlangano yokusebenzisa uNgqongqoshe akhiphe iSaziso ePhephabhukwni likaHulumeni.
INhlangano ebhaliswe ngokusemthethweni njengoba kubekiwe ngenhla kumele ugcwalise Isigaba 2.
Ezinye iZinhlangano nazo ezifisa ukuba yizinhlangano ezibhalisiwe kumele zigcwalise isigaba 3.
Uyacelwa ukuba unikeze igama lendawo lapho iNhlangano isebenzela khona.
Indawo yokusebenza yeNhlangano ephelele ibandakanya nendawo yamalunga ayo ngesikhathi sokubhalisa, okufanele inike ngamahekithari noma amakhilomitha.
Indawo lapho kusentshenziswa khona amanzi ayifani ngaso sonke isikhathi nendawo lapho kuhlala khona lowo ofaka isicelo sokubhalisa.
Ukusentshenziswa kwamanzi endaweni engaklanyiwe (unsurveyed) kungabhaliswa ngegama lalowo mphakathi ohlala noma ongumnikazi waleyondawo noma igama laleso sabelo.
Uma ngabe indawo iqashwe ngenhloso yokusentshenziswa kwamanzi umqashi kufanele athole iminingwane kumnikazi wendawo. UMnyango ugcoma ukuthi isivumelwano sokuqasha phakathi komnikazi wendawo nomqhashi kufanele zibandakanye nenqubo yokusebenzisa amanzi, ngoba izindleko zokusentshenziswa kwamanzi ezingakhokhelwe ziyofunwa kumnikazi wendawo.
Abasebenzisi bamanzi abaningi bangabhalisela ukusebenzisa amanzi endaweni eyodwa, uma behlala kuleyondawo ngokusemthethweni. Isibonelo salokhu yilapho abantu beqashe iziqeshana zomhlaba ezahlukene kumnikazi womhlaba.
Uma kunjalo: sebenzisa ifomu eyodwa kulowo nalowo ofaka isicelo.
Kulabo bantu abaqashe umhlaba gcwalisa ifomu DW756 - ngomuntu ngamunye.
Ezinkampanini eziqhashe umhlaba gcwalisa ifomu DW758 - yezinkampani nemiMinyango kaHulumeni kuZwelonke neziFundazwe.
Umuntu oyedwa noma inkampani eyodwa ingasebenzisa amanzi ezindaweni eziningi eziningi ezahlukene.
Lezozindawo zingaqashwa ngabanye abantu noma amabhizimisi noma kube ngezabo noma ngezawo.
uma kunjalo sebenzisa ifomu eyodwa indawo ngayinye.
IZINQUBO ZOKUSEBENZISA AMANZI Khombisa ukusentshenziswa kwamanzi noma inombolo yokusebenzisa amanzi ofisa ukukubhalisa. (bheka izincazelo zokusebetshenziswa kwaManzi esigabeni 3).
Ukusetshenziswa kwamanzi okwahlukene kungabhaliswa endaweni eyodwa. Isibonelo kungaba khona amanzi ampotshwa emfuleni (ukukha amanzi) bese efakwa edamini (ukugcina amanzi) kanye nokuchelela ngamanzi anokungcola (inqubo yokuphatha) konke lokhu endaweni eyodwa.
Ukusetshenziswa kwamanzi okufanayo kungabhaliswa endaweni eyodwa. Isibonelo kungaba ngamadamu okugcina amanzi amahlanu endaweni eyodwa.
Kulowo nalowo msebenzisi wamanzi okhonjisiwe, gcwalisa ingxenye 2 yamafomu ngokwahlukana.
Umuntu ofaka isicelo kufanele asayide ifomu futhi abhale usuku asayide ngalo yena ngokwakhe efomini.
Lowo onikezwe igunya lokusayindela omunye umfanekiso obhaliswe walokhu kugunyazwa kufanele unanyathiselwe kuleli fomu lokufaka isicelo.
Ukusebenzisa ukugxiviza ngesithupha njengophawu lokusayina kuyokwamukelwa ngezinye izikhathi.
Ukugunyanzwa okukhona noma imvume bheka Ukusentshenziswa kwamanzi okugunyaziwe ngokomthetho okukhona njengamanje esigabeni 4 Kungadingeka ugcwalise ingxenye 2 yamafomu amaningi.
Ifomu DW760 yokukha/ ukudonsa amanzi -Ifomu DW 761 yokugcina amanzi; kanye -Nefomu DW762 yokubhalisa idamu.
Uma ngabe kunokusetshenziswa kwamanzi okuningi okufanayo endaweni eyodwa, kufanele kugcwaliswe amafomu ahlukene. Isibonelo, umlimi odonsa amanzi emfuleni emibili eyahlukene kufanele agcwalise amafomu DW 760 amabili.
Khombisa inombolo obhalise ngayo bese ugcwalisa ingxenye 1 yamafomu. Gcwalisa ingxenye 2 yamafomu ukuze ucibiyele ukusetshenziswa kwamanzi ofisa ukukuchibiyela.
Uma kudingekile nikeza inombolo yemvume noma ukugunyazwa kokusetshenziswa kamanzi.
Uma ngabe ungakaze uthole imvume noma ukugunyazwa sishiye lesisigaba.
Isizinda samanzi singaba sendaweni yomunye umuntu noma kutholakale imvume yokunqamula endaweni yomunye umuntu (servitude) ukuze kufinyelelwe esizindeni samanzi.
Izibonelo kungaba, ukumpompa amanzi emfuleni kusentshenziswa umshini wokubhola amanzi, ukudonsa amanzi emgodini noma ichibi eliseduze nedamu, noma ukudonsa amanzi edamini uqobo.
Bheka incazelo yesizinda samanzi esigabeni 3.
Lapho amanzi esetshenziswa ukunisela, gcwalisa ifomu yokucibiyela DW787.
Watering livestock (Ukusebenziswa amanzi eMfuyweni) kusho ukusetshenziswa kwamanzi ukuze kube nomkhiqizo nokwanda kwezilwane kanye notshani bokondla.
Aquaculture kukho ukufuya ofishi njengama-oyster nokukhiqiza ezinye izilwane zamanzi. Domestic water supply kusho amanzi ahlanziwe bese abelwa imiphakathi namahotela ukuze asetshenziswe ezindlini.
Bheka incazelo yokuGunyazwa okukhona njengamanje esigabeni 4.
Lelifomu kufanele ligcwaliswe kuphela yilabo basebenzisi bamanzi abacelela izitshalo ngamanzi akhiwe esizindeni samanzi. Lelifomu alibathinti labo basebenzisi bamanzi abacelela ngamanzi anokungcola. bona kufanele bagcwalise ifomu DW765.
Imininingwane ekulelifomu iyosetshenziswa ukuthola izidingo zamanzi asetshenziselwa ukucelela ngonyaka.
Indlela yokuthola izidingo zokuchelela zonyaka kuyoba uhlelo lweKhompuyutha olubizwa nge SAPWAT.
Umthamo wamanzi otholakala kulefomu yiwona mthamo oyobhaliswa uyovela esitifiketini sakho sokubhaliswa.
Omunye umuntu angafisa ukwenza iziqiniseko somthamo wamanzi akawasebenzisela ukuchelelela ngokufaka imitha yamanzi esizindeni lapho ekha khona amanzi.
Isibonelo esijwayelekile ileso sokumpompa noma ukudonsa amanzi emfuleni eyogcinwa emgodini wokunisela. Imitha lamanzi lingafakwa kulompompi lapho amanzi edonswa khona ukuze kukalwe ukuthi mangakanani amanzi adonswayo.
Esinye isibonelo esijwayelekile ilapho amanzi ebholwa phansi komhlaba bese egcinwa edamini ukuze kucelelwe ngawo ngesikhathi esizayo. Imitha yamanzi ingafakwa ukuze kukalwe ukuthi mangakanani amanzi adonswa ngokubholwa ayongena edamini.
Umthamo wamanzi othathwe kulemitha yamanzi unganikezwa Umnyango, inani lamanzi asentshenzisiwe ukunisela lingashintshwa ngokufanele.
Inombolo yensimu isho inombolo yensimu eceleliwe. Uma zingekho izinombolo, umlimi kufanele anikeze leyo naleyo nsimu izinombolo ezingasentshenziswa.
Izinombolo zamasimu kungaba izihlamvu. Isibonelo, umlimi angaba nezinombolo zamasimu akhe ezinje: A100. A101 A102, B231, D5/3, F007 nezinye.
Kufanele asho ubungako baleyo naleyo nsimu obukalwe ngamahekithari. Lokhu kufanele kube ngokuyikho.
Lokhu okulandelayo kukhombisa isitshalo ngasinye ensimini ngayinye, kutshalwa izitshalo ezombili ngonyaka.
Nikeza usuku nenyanga otshala ngalo izitshalo zakho. Growing Season (Isikhathi sonyaka okutshalwa ngaso).
Ngoba uyazi ukuthi isitshalo sakho sihlala isikhathi esingakanani emhlabathini. Lapha inani lezinsuku kusukela.
Lokhu ingxenye yesikhathi isitshalo sisemhlabathini Isibonelo uma ukotini utshalwa yonke iminyaka, ingxenye yesikhathi kuyoba ngu -100%.
Uma kutshalwa izitshalo ezimbili ezahlukene ngonyaka lesisikhathi siyoba ngu 50%.
Utamatisi wona ngoba utshalwa kanye eminyakeni emihlanu, lena eminye iminyaka emine kushiwe imisele ensimini, lesisikhathi siyoba ngu 20.
Khombisa uhlobo lwesizinda samanzi lapho ukha khona amanzi njengokuthi idamu, umfula, umhosha, amanzi angaphansi komhlaba nezinye.
Uma leso sizinda samanzi singenalo igama bhala "akukho gama".
Uma kungamanzi abholwe phansi (borehole) sishiye singenalutho leso sikhala.
Isibonelo sokukhuthaza ukuchelela ukumboza imisele yokunisela ngosimede ukuze uvikele ukuvuza.
Esinye isibonelo esijwayelekile ukulinganisa insimu ukuze amanzi asabalale ezikhukhula ngokulinganayo.
Uma ukugcinwa kwamanzi edamini kusabalalela ezindaweni eziningi, ngumnikazi wedamu kuphela okufanele abhalise.
Amadamu kanye namadamu akhiwe phakathi emifuleni yizona zibonelo zokugcinwa kwamanzi ezizindeni zamanzi.
Amanzi angagcinwa futhi kwezinye izakhiwo ezakhiwe eduze kodwa ngaphandle kwezizinda zamanzi njengamadamu neziyingi noma amachibi awakhiwe.
Amathangwe amancane asentshenziswa emakhaya namathangwe emvula achaze ohlakeni 1 (bheka isigaba 4 izincazelo) wona awabaliwe kulokhu kusentshenziswa kwamanzi.
Izinto zokugcina amanzi kufanele zihambisane neziNqubomgomo Ngokuphepha kwamaDamu, IziNqubomgomo ngamazinga ezakhiwo neminye nje imithetho emiswe iziphathimandla zendawo.
NgokweNqubomgomo ngokuPhepha kwamaDamu, noma iliphi idamu eligcina amanzi amthamo wawo ungaphezulu kama-cubic mitha ayi- 50 000 elinoboda olungaphezu kwamitha ama-5 ubude lithathwa "njengedamu elinobungozi".
Namanye amadamu angahambisani nemibandela engenhla angathathwa njengamadamu anobungozi, isibonelo, amadamu aphethe ukungcola okuyingozi noma amadamu akhiwe ezindaweni ezinobungozi.
Amadamu anobungozi kufanele abhaliswe ngokweNqubomgomo yokuPhepha kwamadamu.
Umthamo wamanzi ongagcinwa endaweni ethile kumele ubhaliswe. Amanzi angagcinwa edamini elilodwa noma amadamu amaningi ahlukene.
Amadamu aseshelwe ngamanzi noma angenamanzi noma asefiwe kumele abhaliswe nawo.
Water not Containing waste -Amanzi angenakho ukungcola kuvamise ukuthi kube amanzi agelezayo noma amanzi athathwe ezizindeni zamanzi nakuba engahlanzekile ukuthi angaphuzwa.
Waterwaste -Amanzi angcolile ngamanzi agcinelwe ukuthi abuye asentshenziswe noma achithwe noma alahlwe.
Umthamo wama-volume, yisikalo samanzi angagcinwa ilelidamu nakuba amanzi engagcwalisiwe phama.
Izinto zokuhambahamba kwezilwane zasemanzini zibandakanya amalele agibela ofishi uma benyuka nomhosha.
Bheka incazelo yamanzi agcolile esigabeni 3.
Ukugcina ukuze akhishwe (Discharge) kusho ukuthi amanzi anokungcola azobuye akhishwe ayothelwa esizindeni samanzi.
Ukugcinwa ukuze achithwe (disposal) kusho ukuthi amanzi azochithwa emadamini noma izindawo zokulahla ezifana namadreyini, imigodi yezindlu zangasese, amathangwe. Uyacelwa ukuba ugcwalise futhi ifomu DW767.
Ukugcinwa ukuza abuye asetshenziswe (re-use) kusho ukuthi amanzi azobuye asentshenziswe enqubeni yokukhipha amanzi anokungcola. Uyacelwa ukuba ugcwalise futhi ifomu DW767.
Ukusentshenziswa futhi akusho ukuchelela. Uma uchelela ngamanzi anokungcola gcwalisa ifomu DW765.
Lokhu ngokwanoma imaphi amadamu anobungozi.
NgokweNqubomgomo Yokuphepha kamaDamu, noma iliphi idamu eligcina amanzi amthamo wawo ungaphezulu kamacubic mitha ayi- 50 000 elinoboda olungaphezu kwamitha ama-5 ubude lithathwa "njengedamu elinobungozi".
Namanye amadamu angahambisani nemibandela engenhla angathathwa njengamadamu anobungozi, isibonelo, amadamu aphethe ukungcola okuyingozi noma madamu akhiwe ezindaweni ezinobungozi.
Amadamu asevele ebhalisiwe kuloMnyango kufanele abhaliswe futhi ngokugcwalisa lelifomu, uma lokho kubhaliwe eSazisweni esikhishwe ePhephabhukwni likaHulumeni.
Uma ngabe iDamu lingenalo igama, nikeza igama laleyo ndawo lapho idamu lakhiwe khona.
Off Channel -ukugcina amanzi ngaloluhlobo kusho ukugcina amanzi esakhiweni esifana nedamu, noma ithangwe elakhiwe eduze kwalapho kugeleza khona amanzi ngokwemvelo.
Idamu eligcina amanzi ahlanzekile water not containing waste okuvamise ukuba amanzi athathwe ezindaweni ezigelezayo noma athathwe esizindeni samanzi, nakuba lamanzi engahlanzekile ngokwanele ukuthi angaphuzwa.
Idolobha eliseduze kwalapho idamu lakhiwe khona noma ngabe umnikazi wendamu noma lowo ofake isicelo engahlali kulelodolobha.
Kala ubude bendawo kusukela esiyingini sedamu kuya eposini elisedolobheni eliseduze.
Umcibisholo kumele ukhombe lapho kungakhona idolobha eliseduze nesiyingi sedamu ayi aduze komgwaqo.
Noma iliphi idamu elinobungozi elingagcina umthamo wamanzi ongaphezulu kwama cubic mitha anga -50 000 nelinoboda olungaphezu keamamoitha ama- 5 ubude kufanele lahlukaniswe.
Maximum wall height-umahluko phakathi kobude bokuya phansi ngaphandle kwedamu nolayini lapho amanzi engadluli khona noma ulayini ophezulu noboda lwedamu.
Ukuvimba noma ukuphambukisa ukugeleza kwamanzi ngokwemvelo kusho inqubo noma isakhiwo esikhinyabeza ukugeleza kwamanzi ngokwemvelo emfuleni noma emhosheni.
Ukuvimba amanzi kusho isakhiwo njengamabhuloho amafishane, namadamu akhiwe phakathi emifuleni anezakhiwo ezimfishane ezakhiwe eduze nawo ukuze kulawulwe isayensi yokunyakaza kwamanzi.
Ukuphambukisa kusho ukubhontsozwa kwendlela yemvelo yokugeleza kwamanzi, noma ukuphambukisa amanzi ngokufaka ipayipi ukuze amanzi ageleza ngokwemvelo amanye ahambe ngepayipi. Isizinda noma indawo yamanzi kodwa isala ilokhu injalo ingathintekile.
Ukuphambukisa amanzi kungadingeka ukuze kwakhiwe noma kulungiswe izakhiwo nemigwaqo noma ukuze kuqhutshwe inqubo ethile.
Qaphela: Ukuphambukisa umfula akuyona ingxenye yalokhu kusentshenziswa kwamanzi.
Qaphela: Noma isiphi isakhiwo esingagcina noma siphathe amanzi asiyona ingxenye yalokhu kusetshenziswa kwamanzi. Lezi zakhiwo kufanele zibhaliselwe ukugcina amanzi ngefomu DW761.
Khetha Impeding ukuvimba noma diverting ukuphambukisa. Sebenzisa elinye ifomu uma ufisa ukubhalisa kokubili.
Height (Ubude) busho umehluko kusuka phansi enhlabathini ngaphandle kwesakhiwo kuya phezulu ezingeni lokugcina lesakhiwo.
The width (ububanzi) kungubukhulu besakhiwo. Isibonelo, amabhuloho amafishane avamise ukuba ngamamitha ama-3 ububanzi, ukuze kuwele imoto eyodwa ngasikhathi sinye.
The Length ubude bephezulu lesakhiwo. Isibonelo, lokhu kungakalwa kusukela osebeni lomfula kuya kolunye uma isakhiwe sakhiwe saze sayothi chaphasha ngale komfula.
Lapho kuqala khona ukuphambukisa ingenhla lendawo, kanti lapho kuphela khona ukuphambukisa ingezansi lendawo.
Height (Ubude) busho umehluko kusuka phansi enhlabathini ngaphandle kwesakhiwo kuya phezulu ezingeni lokugcina lesakhiwo.
The width (ububanzi) ngubukhulu besakhiwo. Indawo ebanzi kakhulu yesakhiwo kuvamise ukuba iphansi noma isisekelo sesakhiwo.
The length indawo emphambukisiwe endleleni yemvelo. Lokhu kukalwa kusukela lapho ukuphambukisa kusuka khona kuya lapho kuphela khona.
Material (Izinto zokwakha) kubandakanywa, umhlaba, amadwala, ukhonkolo nokunye.
Uyanxuswa ukuba ubhale umfutho wokugeleza ngaphambi nangemva kokuphambukisa noma ukuvimba uma unayo leyo mininingwane.
Chaza inhloso yaleyonqubo ezothikameza ukugeleza kwamanzi kwemvelo.
Lapha kushiwo indawo ekalwe kusukela esiyingini sokugeleza kwamanzi kuya endaweni eseduze naleyo nqubo yasemayini.
Bheka incazeli yokugunyazwa okukhona njengamanje esigabeni 4.
Lelifomu kuhloswe ukuba ligcwalise ukuze kuqhutshwe inqubo kokunciphisa ukugeleza kwamanzi omhosha ukuze kutshalwe amahlathi okuthengisa.
Bhala igama lesifunda sikaMantshi lapho inqubo yokunciphisa ukugeleza kwamanzi omhosha kuzokwenziwa khona. Lokhu isifunda sikaMantshi lapho kokhona khona lendawo.
Uyanxuswa ukuba unamathelise efomini lakho Ibalazwe lobunjalo bendawo elikhombisa ngokucacile lapho lenqubu yenzeka khona.
Khombisa uhlobo lwesizinda samanzi esikuleyondawo ngo X. Khombisa ngokumaka amabhokisi amaningi uma kuzenhlobo ezahlukene zezizinda zamanzi.
Khombisa lolo nalolo hlobo olufanayo ngamahekhtha.
Bhala imininingwane yalezizihlahla kuphela. Qaphela izihlahla zezithelo azithathwa njengamahlathi.
Ukubhalisa Ingxenye 2E: Ukungenela Inqubo yokuphatha: Ukuchelela noma iyiphi indawo ngamanzi anokugcola noma amanzi angcolile aphuma ezimbonini okusentshenziswa kuzo amanzi.
Ukuchelela ngamanzi anokungcola akufani nokuchelela ngamanzi akhiwe esizindeni samanzi.
Ukuchelela ngamanzi anokungcola kungathathwa njengenye indlela yokuhlanza amanzi angcolile, lapho umsebenzisi wamanzi angeke akwazi ukuhlanza amanzi ngokwanele ngendlela yokuthi angabuye asetshenziswe noma abuyiselwe esizindeni samanzi. Ngokucelela ngamanzi angcolile esikhundleni sokuwachitha, kuyancipha ukukhinyabenzeka kwezizinda zamanzi.
Ukuchelela ngamanzi anokugcola kufanele kwenziwe ngendlela yokuthi kutholakale izitshalo emva kwalokhu kuchelela. Lokhu kuyinkomba yokuthi lokhu kuchelela ngalamazni anokungcola kunomphumela , akumoshi umhlabathi.
Ukuchelela utshani obuluhlaza namadlelo ngamanzi anokugcola nakho kumukelekile. Kodwa-ke ukunisela amadlelo angenazitshalo akuthathwa njengenqubo yokusebenzisa amanzi ngempumelelo.
Bheka incazelo yamanzi agcolile esigabeni 3.
Nikeza ubungako bendawo ecelelwa ngamanzi angcolile ngamahekithari, noma ingasiphi isikhathi.
Ukunisela ngamanzi agcolile okuningi kuvamise ukwenzeka ngezikhathi esithile sonyaka. Khombisa inani onisele ngalo kuleyo nyanga, noma-ke unikeze isilinganiso samanzi esewonke owasebenzisile.
Ukubhalisa Ingenye 2F: Ukuchitha ukungcola noma amanzo agcolile esizindeni samanzi ngepayipi, imbobo, imigodi yendle, ukuphuphuma kolwandle nezinje nje izindlela.
Lelifomu ngelokuchithwa kwamanzi angcolile echithwa esizindeni samanzi ngqo, ngokuvamisile ngepayipi noma imigodi.
Ukuchithwa kwamanzi angcolile echithela emiseleni noma emanzini angaphansi komhlaba akufakiwe kulokhu kusetshenziswa kwamanzi. Lokhu kuyinqubo yokuphathwa kwamanzi (bheka isigaba 3 ukuze uthole incazelo).
Amanzi anokungcola kwasezimbonini aphume ngenkathi kushiswa okuthile noma iyiphi inqubo yamandla kagesi nawo angachithwa esizindeni samanzi, futhi angabhaliswa ngalelifomu.
Lokhu kufanele kube izinga lokushisa kwamzni achithwayo. Uma amanzi egcinwa ethangweni aze afinyelele ezingeni lokushisa elifanele ungawunaki lombuzo, wedlule.
Ukuchithwa kwamanzi kungenzeka ngesikhathi ezahlukene ngonyaka. Khombisa inani onisele ngalo kuleyonyanga, nomake unikeze isilinganiso samanzi esewonke owasebenzisile.
ngohlobo lwesisinda samanzi kuqondwe amanzi aphezu komhlaba kuphela. Qaphela, kufanele ukhethe uhlobo olulodwa kuphela. Uma ubhalisa ukuchithwa kwamanzi okwahlukene , gcwalisa elinye ifomu DW766.
Lelifomu liphathelene nokuchitha amanzi anokungcola emadamini, amachibi anamanzi athombile, namachibi anamnzi angcolile. Lingasetshenziswa futhi ekuchitheni umlotha wesezimbonini noma izinsalela zasezimayini, okuvamise ukuba ukungcola okuqinile.
Bheka incazelo ngamanzi anokugcola esigabeni.
Lesisigaba sithinta ohulumeni basekhaya kuphela.
Bheka incazelo ngamanzi anokugcola esigabeni 3.
Nikeza ubungako besiza okuchithwa kuso ngamahekithari, kanye nomthamo wokungcola okuchithwayo ngonyaka ngamathani noma nga -cubic mithazi.
Nikeza ubungako besiza okuchithwa kuso umlotha ngamahekithari, kanye nomthamo wokungcola okuchithwayo ngonyaka ngamathani noma nga -cubic mithazi.
Bheka izihlobo zezimayini esigabeni 3.
Ukushintsha imisebe noma unqenqema (river bed and Bank)lwamanzi kusho inqubo eyenzeka eceleni kwendawo enamanzi, kodwa engakhinyabezi ukugeleza kwamanzi. Ukuphambukisa noma ukuvimba amanzi , gcwalisa ifomu DW763.
Izibonelo ngokushintsha imisebe noma unqenqema lwamanzi kuvamise ukuba ukumba isihlabathi noma ukugubha ukuzwe kutholakale ukuthi akhona yini amatshe ayigugu ngaphansi.
Izibonelo sokushintshwa kosebe lomfula kungaba ukuhlotshiswa kosebe lomfula ukuze kwenziwe amachibi (kwenzeki ukuphambukisa/ukugeleza) nokwakhiwa kwezindlela zokuhamba, imigwaqo, amabhuloho, noma nje ngenye intuthuko eyenziwa osebeni lomfula.
Ukushintsha isimo noma ubunjalo besizinda samanzi kusho ushintsho olukhulu olwenziwa emanzini ukuze kushintshwe indlela ahamba ngayo ukuze ahambe ngendlela entsha indawo ende impela.
Ukushintshwa kwendlela yokugeleza kwamanzu kuqala kwakuthiwa ukuphambukisa umfula . Kodwa manje sekusetshenziswa igama elithi ukuphambukisa ukugeleza okusho ukuphambukisa ukugeleza okuncane okukhulunywa ngakho kuFomu DW763. Igama elithi ukuphambukisa alisasetshenziswa.
Olunye ushintsho lungaba olwesikhashana luhlala isikhashana esincane ngaphambi kokuba amanzi abuyiselwe endleleni yawo. Olunye ushintsho kuba ngolwanomphela kungabi nanhloso yokubuyisela amanzi endaweni yawo.
Angabuye ahlangane nendlela yawo emva kwebanga elithile ezansi nomfula.-Angahlangane nenye indawo yamanzi, kwenye indawo ;-Angehlangane namanye amanzi aze ekugcineni ayongena olwandle noma edamini noma ichweba.
Uma leso sizinda samanzi singenalo igama, bhala alikho igama.
Khombisa uma usebe noma uqeqema lomfula luthintekile ilokhu kugudluzwa. Qaphela isicelo sokugudlula ukugeleza kwamanzi kufanele kwenziwe kufomu DW781.
A temporary alteration. Kuba uguquko lwesikhashana, emveni kwaleso sikhathi isizinda samanzi sibe sesibuyiselwa endaweni yaso. Lokhu kunga izinyanga ezimbalwa noma iminyaka embalwa.
Bheka incazelo ngokuGunyazwa okukhona njengamanje esigabeni 4.
Ukubhalisa Ingxenye 2J: ukususa, ukuchitha nokulahla amanzi atholakala ngaphansi komhlaba uma kudingekile ukuze kuqhutshwe inqubo yokuphephisa abantu.
Lelifomu lingeloku bhalisa ukususwa kwamanzi angaphansi komhlaba njengamanzi achithekela/amfimfela ezindaweni lapho kwenziwa khona umsebenzi wezimayini, ezizeni lapho kwakhiwa khona.
Alibandakanyi ukuthathwa kwamanzi angaphansi komhlaba ethathelwa ukunquba enye inhloso, njengokuphuza, ukucelela noma ukuwasebenzisa ezimbonini.
Izibonelo ezijwayelekile mayelana nalokhu kusetshenziswa kwamanzi yilezi: -Ukususwa kwamanzi ezimayini, -Ukususa amanzi ngaphansi komhlaba ezizeni lapho kwakhiwa khona ukuze kuqhutshekwe nomsebenzi wokwakha.-Ukususa kwamanzi ngaphansi kwezindlu ezinenkinga yamanzi emfimfela ezisekelweni zazo.
Ukususwa kwamanzi ezimayini nokusentshenziswa kwalamanzi asuke esuswe ezimayini kumele kuhambisane nemithetho yezimayini.
Lesi ngumthamo wamanzi asuswe ngonyaka. Ukuwasusa kungenzeka unyaka wonke uze uyophela golokoqo noma kungenziwa ngezikhathi ezithile zonyaka.
Uma agciniwe amanzi emva kokususwa ngaphansi komhlaba, gcwalisa ifomu DW 761.
Lelifomu ngelokubhalisa ukusetshenziswa kwamanzi ngezinqubo zokuzithokozisa noma ngokuntweza phezu kwamanzi.
Alisho izinqubo sokusetshenziswa kwamanzi ezihambisana nokuzithokozisa, njengokusebenzisa amanzi ezindaweni zokuvakasha noma ukuchitha ukungcola okuphuma ezindaweni zokuzithokozisa.
Ukuzithokozisa ngamanzi okwenziwa abantu ezindaweni zabo njengokudoba amadamini noma ukubhukuda emifuleni akudingekile ukuthi kubhaliswe, inqobo nje uma lowo muntu enemvume yokusebenisa leso sizinda samanzi.
Abasunguli bezindawo zokuzithokozisa kufanele babhalise ukusetshenziswa kwamanzi.
Abasebenzisa amanzi ngenqubo yokuzithokozisa ngabodwana akudingekile babhalise uma ngabe besebenzisa impahla yomuntu obhalisile.
Uma ngabe leyo nqubo yokuzithokozisa ithola amanzi ezizindeni zamanzi eziningi, gcwalisa ifomu DW806 elahlukile kuleso naleso sizinda.
Amahovisi ahlukene oMnyango wezaManzi namahlathi akulo lonke izwe leli ame ngomumo ukukusiza ngokukunikeza amafomu afanele okumele uwagcwalise , nokukusiza ukuthi ugcwalise lawo mafomu.
